Jump to content

Ingelosi

Kubuya ku Wikipedia
Isithombe seNgelosi ilwa noJakobe esidwetshwe nguGustave Doré

Ingelosi (noma ingilosi) iyisidalwa sakwamoya, esiphezu kwemvelo, noma sasezulwini esixhumanisa abantu basemhlabeni noMdali. Izinkolo ezahlukene zinemibono ehlukene mayelana umsebenzi, ingqingithi, isimomqondo, imizwa nomlando wezingilosi. Izingelosi zidlala indima enkulu ezinkolweni zika-Abrahamu. Kukhona izinkolo ezikholwa ukuba kunomkhawulo omkhulu ngaphakathi kwabantu noMdali ekufanele izingelosi ziwenqe ukuze zixhumanise abantu noMdali. Lezizinkolo zincike endikimbeni yokuba imiyalelo nombono woMdali kufanele wembulwe ebantwini. Izingelosi azifezi inxenye enkulu ezinkolweni izikholwa ukuba awukho umkhawulo ngaphakathi kwabantu noMdali.

Izinkolo zika-Abrahamu zikholwa ukuba kunohlelo oluhlukanisa izingelosi ngesithunzi, igunya nezikhundla kakhulu lokhu kuncike kwindlela lezizingelosi zisondelene noMdali, isib., enkolweni yamaJuda namaKhrestu amaserafimi asezingeni eliphezulu ohlakweni lasezulwini ngoba bathwele isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu emahlombeni awo. Futhi, ezinye izingelosi ziqanjelwe amagama, kodwa lezi zimbalwa futhi iningi lazo azinawo amagama. Izinkolo ezahlukene zifundisa ukuthi izingelosi zibunjwe ngomongotho ohlukene, isib., ngokobuSulumane, izingelosi zibunjwe ngobukhanya. Isimo noma umumo wezingilosi uyahluka isib., amaserafimi anemizimba enomumo womuntu kepha anamaphiko ayisithupha, ezimbili zifihle ubuso ezimbili zifihle izinyawo, bese zindiza ngezimbili ezisele, besekukhona ama-ofanimi angamasondo anamaphiko namehlo amaningi. Lezizinkolo zifundisa ukuba kwakukhona iqembu lezingelosi eyavukela uMdali ekuholele ekutheni zixoshwe ezulwini zilahlekelwe wumusa woMdali, isib., uSathane namadimoni enkolweni yobuJuda nobuKristu.

Izinkolo ezikholwa kwabankulunkulwana abambalwa njengenkolo yamaNorse zinezidalwa ezifana nalezi zezinkolo zika-Abrahamu. Inkolo yama-Norse ifundisa ukuba kunezidalwa zomumo wabufazane namaphiko wenyoni ethwala imiphefumulo yamaqhawe abulawe empini ukuba ayechithe ingunaphakade yawo esigodlweni sika-Vodini, uYise waKonke., eValhala. Isidalwa uChiron, oqhuba umkhumbi emfuleni yakwaStyx othutha imiphefumulo yabantu ukuya eMhlabeni wangaPhansi, ufeza umsebenzi ofana nezingelosi zobuSulumane wokuthwala imiphefumulo ezulwini.