Inkantolo
Inkantolo
Inkantolo yindawo lapho abantu bethola khona ubulungiswa[1].Abantu baya enkantolo uma kunodaba okudingeka ukuthi lulungiswe noma uma umuntu esolwa ngokwenza icala.Inkantolo isebenza ngokulandela umthetho futhi inika abantu ithuba lokuchaza uhlangothi lwabo.Enkantolo kunabantu abanemisebenzi eyahlukene.Kukhona imantshi noma ijaji elilalela amacala futhi lithathe izinqumo.Kukhona umshushisi omele umbuso kanye nommeli omele icala.Kukhona nofakazi abanikeza ubufakazi obuphathelene necala.
Umhumushi naye ubalulekile enkantolo.Umsebenzi wakhe ukusiza abantu abangaluqondi kahle ulimi olusetshenziswa enkantolo .Umhumushi kufanele ahumushe kahle lokho okushiwo umuntu ngaphandle kokushintsha incazelo.Lokhu lusiza ukuthi wonke umuntu aqonde ukuthi kwenzakalani ecaleni.Uma icala lilalelwa, ubufakazi buyalalelwa futhi abantu abathintekayo banikwa ithuba lokukhuluma. Umantshi noma ijaji libheka ubufakazi ngaphambi kokuthatha izinqumo.Uma umuntu etholakale enecala unikezwa isigwebo kodwa uma engenalo icala uyakhululwa.
Inkantolo ibalulekile emphakathini ngoba isiza ukuthi kutholakale ubulungiswa nokuthula.Iphinde ivikele amalungelo[2] abantu futhi iqinisekise ukuthi abantu baphathwa ngokulinganayo.Ngako-ke kubalulekile ukuthi abantu bahloniphe inkantolo,balandele imithetho [3]futhi baziphathe kahle uma bekhona enkantolo.
Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Makanya, Sinethemba (2025-11-27). Ubulungiswa. London: Routledge. pp. 73–89. ISBN 978-1-003-62265-9.
- ↑ Tait, Kira (2025-10-02). "Yini amalungelo? Ukubukwa kwamalungelo ngehlo lolimi namasiko endabuko eNingizimu Afrika yangemva kobandlululo". South African Journal on Human Rights. 41 (3–4): 148–167. doi:10.1080/02587203.2026.2633983. ISSN 0258-7203.
- ↑ MnisiWeeks, Sindiso. "Umthetho Wethu Ngumthetho Sisekelo, Futhi Unamalungelo*". PoLAR: Political and Legal Anthropology Review. 47 (2): 228–233. doi:10.1111/plar.12583. ISSN 1081-6976.