UNomakwete
Ummomo
UNomakwete (onenombolo -90482 ) ungumzulane oyisichwe otholakala enkatheni kaKuiper, onenyanga eyodwa enkulu, u<i>Vanth</i>. Unobubanzi obulinganiselwa kumakhilomitha angama- 870 to 960 kilometres (540 to 600 mi), ufana nomzulane osichwe oseduze nelanga uNomadwala. Ubuso bukaNomakwete bukhanya kakhulu ngethubela elifinyelela kumaphesenti angama-23, nombala ongathathi hlangothi, futhi bucebile ngeqhwa lamanzi. Iqhwa liyisimo somncwebe kakhulu, okungenzeka ukuthi lihlobene nobuqhebeqhebe beqhwantshaba bangaphambilini. Amanye amavanga afana nejawanai noma umthondohwe nawo angase abe khona ebusweni bawo. UNomakwete wavubukulwa ogqayinyanga vbseMelika uMichael Brown, uChad Trujillo, noDavid Rabinowitz ngomhlaka-17 kuNhlolanja 2004.