Euro

i-Euro (uphawu: €; inguqukezo yesikhokhelisi: EUR) iyimali yoBumbano waseYurophu. Nakuba umvumelwano waseMaastricht uhlosa ukuba ubumbano wonke usebenzise i-Euro, amazwe ayisithupha angamalungu oBumbano agcine izikhokhelisi zabo. Amahlanu akakafezi izimfuneko zokuqondananisa ekimuvelisa ukuba asebenzisa i-Euro. Eyodwa (iDenimaki) inemvumo yokusalela ngaphandle (kanye nezindawo eziyinxenye zoMbuso waseDenimaki: i-Greenland kanye neziqhingi zaseFaroe). Kukhona amazwe angasingamalungu woBumbano waseYurophu njengezindawo ezingaphesheya emazwekazini amanye eziphansi kwamalungu wobumbano kanye namazwe amancane aseYurophu. Kukhona amazwe amabili (iKhosovo kanye neMontenegro).
Umlando
[hlela | Hlela umthombo]
Umvumelwano waseMaastricht we-1992 umise imigomo nemibandela yeYurophu. Ukuze amazwe avunyelwe ukusebenzisa i-Euro nokuba yinxenye yendawo ye-Euro, kufanele afeze imigomo njengokuba nokushoda kosabelomali kahulumeni ongaphansi kwe-3%, isikweletu sikahulumeni esingaphansi kwama-60%, ukwehla kwamandla wemali okuphansi inzalo yemali esondelene esemdibini yamazwe aseYurophu. Kodwa, iningi yalemigomo okuqondanisa awalandelwanga ngamazwe amaningi angamalungu noma amazwe angawafezi avunyelwe ukungena ngenxa yezombangazwe (isb. iGreki).
Igama lika-Euro lamkelwe ngokomthetho eMadrid nge-1995 elaphakanyiswa ngumfundisi waseBheljiyamu, uGermain Pirlot. Izinga lomshintshinsano we-Euro kanye nemali yamazwe bekufanelwe inqunywe nguMkhandlu waseYurophu emuva kwemiphakamiso yeKhomishini yaseYurophu. Lokhu kwakwenzwe ngokuqhathanisa i-Euro eyodwa ne-European Currency Unit eyodwa. i-European Currency Unit yayingumngakonani wokudandanisa.
i-Euro ikhiqizwe kubantu nge-1999 (emabhangeni, ukudluliswa kwemali ngombaney, amasheki wabahambi). Kodwa, utho ophathekayo njengezinhlamvu zemali kanye namaphepha emali ukhiqizwe ngezi-2002. Izakhamuzi zazinikezwe iminyanga ukushintshisana izinhlamvu namaphepha kuqala nge-Jalimani (kodwa kwakunikezwe kufika ku-2022 ukushintshisana ama-escudo asePhotugali).
Ngezi-2008 kufika ku-2011 ngenxa yehlekelele yomhlaba yezemali yezi-2008, inhlekelele yesikweletu yendawo ye-Euro iholele ekutheni kusabiwe ukuba amazwe amahlanu ngeke akhone ukukhokha izikweletu zawo: iPhothugali, ITaliya, iGreki, i-Ayilendi, neSpaniya. Ukugwema ukukhonakala kokuthi lamazwe angakwazi ukukhokha izikweletu zawo, uBumbano uhlanganise Uhlelo waseYurophu wezeMali wokuZinza ukwenzela imali ibekhona ukuze lamazwe akhone ukukhokha izikweletu zawo. Amazwe anothe kakhulu njengeJalimani neFulansi enikele imali eningi kulohlelo nakuba bangotholanga imali kuyo.


Amakhasi amangaphandle
[hlela | Hlela umthombo]- Heiko Otto (ed.). "Euro - Izikhova" (in i-English and isi-German). Kulandwe ngomhlaka 2017-01-02.
| Wikimedia Commons has media related to: Euro |