Usomthetho
|
umdwebo womphikeli ombathe izivatho zosomthetho | |
| Occupation | |
|---|---|
| Amagama | Ummeli, Umphikeli, umaqandule, umluleki, umlanduleli |
Imikhakha yobuqhebeqhebe |
Umthetho, Umhwebo |
| Ingcaziso | |
| Amakhono |
Ikhono lokuhlaziyas Critical thinking Umthetho Ucwaningo lomthetho Ukubhala kwezomthetho Ukucondoza kwezomthetho Ukuphatha abathengi |
Imfundo edingekayo |
Professional requirements |
Imikhakha yokusebenza |
Inkantolo, UHulumeni, Imishumanqa yomthetho, NGOs, Usizo lwezomthetho, Imishumanqa |
Imisebenzi ehlobene |
Barrister, umshiwuza, isishayimthetho, Umahluleli, umphikeli, Ummeli, Umgunundi womthetho, Umshushisi, unobhala, Usolwazi womthetho, Umqopheli, IMantshi, Usombusazwe |
Usomthetho ungumuntu ofanelekela ukunikeza iseluleko ngomthetho, ukubhala imibhalo yasemthethweni, noma ukumela abantu ezindabeni zomthetho.
Uhlobo oluqondile lomsebenzi kasomthetho luyahlukahluka kuye ngegunyandawo lezomthetho kanye nohlelo lwezomthetho, kanye nomkhakha wokusebenza kasomthetho. Kumaguyandwo amaningi, umsebenzi wezomthetho uhlukaniswe ngamagatsha ahlukahlukene — okuhlanganisa umaqandule (barrister), umlanduleli (solicitor), abadlulisimpahla (conveyancers), abaqopheli bezomthetho (notaries), nabosomthetho esontweni — abenza imisebenzi ehlukene ehlobene nomthetho.
Ngokomlando, indima yosomthetho ingalandelelwa emuva empucukweni yasendulo efana neGrisi neRoma .
Kuye ngezwe, imfundo edingekayo ukuze ube ngusomthetho ingasukela ekuqedeni iziqu zomthetho zobuncunda kuya ekutholeni imfundo yangemva kobuncunda kanye nokuqeqesho lobungcwepheshi. Ezindaweni eziningi, ukuphumelela ukuhlolwa kwezomthetho kuyadingeka ngaphambi kokuba umuntu akwazi ukusebenza kwezomthetho.
Ukusebenza njengosomthetho ngokuvamile kuhilela ukusetshenziswa okungokoqobo kwemichachiso yezomthetho engaqondakali kanye nokwazi ukuxazulula izinkinga ezithile. Abanye osomthetho basebenza kakhulu ekusekeleni ukubusa komthetho, amalungelo abantu, kanye nezintshisekelo zomsebenzi wezomthetho.
Isilulumagama
[hlela | Hlela umthombo]Amanye amagunyandawo anezinhlobo eziningi zosomthetho, kanti amanye anezimbili noma eyodwa kuphela.
INgilandi, unina wezindawo ezilawulwa umthetho ovamile, yavela eNkathini Ephakathi inobunzima emisebenzini yayo yezomthetho efana neyezindawo ezilawulwa umthetho womphakathi, kodwa yabe isivela ngekhulu le-19 yaba ukuhlukaniswa okukodwa phakathi kwama-barrister nabashiwuza.
Imisebenzi
[hlela | Hlela umthombo]Umzakuzakwana wamazwi enkantolo
[hlela | Hlela umthombo]
Abanye osomthetho, ikakhulu abaphikeli, bavame ukubamba izimpikiswano zamacala omthetho abathengi phambi komahluleli noma abagwebi enkantolo yomthetho.[1]
Kwamanye amagunyandawo, kukhona osomthetho abangongoti abanamalungelo akhethekile wokuma phambi kwenkantolo.[2] Kwezinye izindawo, kukhona osomthetho abangongoti bokuphikela enkantolo Kodwa abangathathelwa phezulu kwezomthetho.[3]
Kwamanye amazwe, abalwa ngokoMthetho, banenketho yokuphikela ngokwabo enkantolo.[4] Kwamanye amazwe, njengaseVenezuela, akekho okufanele avele phambi komahluleli engenayo usomthetho ozommela.[5] Umenezelelo walolu hlelo ukuthi osomthetho Baba nolwazi olufanele ngemidati nemigudu yasenkantolo, okwenza uhlelo lezomthetho lulhabangule kwababandakanyekayo. Abangenabo osomthetho bavame ukuthunaza ukuthambeka kwabo, basililize ukusebenza kwenkantolo ngenxa yokungabi nabungcweti kwabo.[6][7]
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "What is a Barrister?". Archived from the original on 2020-03-03. Kulandwe ngomhlaka 2020-04-06.
- ↑ Richard L. Abel, The Legal Profession in England and Wales (London: Basil Blackwell, 1989), 116.
- ↑ "Legal profession". Encyclopaedia Britannica. https://www.britannica.com/topic/legal-profession. Retrieved 30 June 2026.
- ↑ See, e.g., Cal. Code. Civ. Proc. § 116.530 Archived 2009-08-09 at the Wayback Machine. (preventing attorneys from appearing in small claims court except as parties or witnesses).
- ↑ Rogelio Pérez-Perdomo, "The Venezuelan Legal Profession: Lawyers in an Inegalitarian Society", in Lawyers in Society: The Civil Law World, vol. 2, eds. Richard L. Abel and Philip S.C. Lewis, 380–399 (Berkeley: University of California Press, 1988), 387.
- ↑ Gordon Kent, "Lawyerless Litigants: Is Justice Being Served?" Edmonton Journal, 27 January 2002, A1.
- ↑ Alan Feuer, "Lawyering by Laymen: More Litigants Are Taking a Do-It-Yourself Tack", The New York Times, 22 January 2001, B1.